IKwaZulu-Natali

IKwaZulu-Natali (IsiNgisi: KwaZulu-Natal; Template:Lang-Zulu; isiBhunu: KwaZoeloe-Natal) yisifundazwe saseNingizimu Afrika. Lesi sifundazwe siyamene ngokwemingcele nezifundazwe ezintathu zaseNingizimu Afrika okuyiMpumalanga, iFree State kanye neMpumalanga Kapa [1] siphinde sihlangane nemingcele namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye neLesotho.[2]

iKwaZulu-Natali(ngesiZulu)

ibheji lesifundazwe

Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika
Izwe

INingizimu Afrika

Isiqubulo "Masisukume Sakhe"
"Let Us Rise and Build"
Idolobha elikhulu iTheku
Ubukhulu bendawo 94.361 km²
Inani labantu (ngo-2011) 10,267,300[3]
Inani labantu (ngo-2017) 11,060,000
Izilimi[3]
Izinhlanga[3]
Isiqongo Pietermaritzburg (c.1994)
UNdunankulu
Nomusa Dube-Ncube (ANC)
Iwebhusayithi www.kwazulunatal.gov.za Archived 2007-12-22 at the Wayback Machine.

Lesi sifundazwe sasungulwa ngonyaka we-1994, ngenkathi kuhlanganiswa isifundazwe samaBhunu iNatali kanye nesizwe samaZulu iKwaZulu. Inhloko-dolobha yeKwaZulu-Natali uMGungundlovu, kodwa idolobha elikhulu kunawo wonke kulesifundazwe iTheku.[4]

Iningi labantu abahlala kulesi sifundazwe ngamaZulu, futhi lesifundazwe saziwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njenge khaya lamaZulu. IKwaZulu-Natali isogwini olusempumalanga.[5]

Lesi sifundazwe siyindabuko futhi nekhaya labantu abanjengo; Albert Luthuli, umuntu wokuqala onsundu ophuma ezwenikazi le-Afrika owanikezwa i-Nobel Peace Prize ngonyaka ka-1960; Pixley ka Isaka Seme, umuntu wokuqala onsundu eNingizimu Afrika owaba ngu-mmeli, waphinda wasungula iqembu lezepolitiki okuyilona elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC); John Langalibalele Dube, uhulumeni wokuqala weqembu le ANC; Harry Gwala ilunga le ANC kanye neqhawe lomzabalazo elalwela futhi lakhankasela amalungelo abantu abansundu baseNingizimu Afrika; Mangosuthu Buthelezi, umuntu owasungula iqembu lezepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP); Jacob Zuma, owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika kanye no Shaka Zulu, inkosi eyahlanganisa isizwe yamaZulu.

  1. Lincoln, M.D., 1977. The genesis of Kwazulu: a study of the spatial impact of state and capital in South Africa, with particular reference to the period between 1972 and 1975.
  2. Munsense, I.M. and Tsoka-Gwegweni, J.M., 2023. Perceived Health System Challenges of Implementing Cross-Border Malaria Preventive Measures at Ports of Entry in KwaZulu-Natal. Annals of Global Health, 89(1).
  3. 3.0 3.1 3.2 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885.
  4. "Durban - Britannica". britannica.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.
  5. "KwaZulu Natal". kwazulunatal-info.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.[dead link]

© MMXXIII Rich X Search. We shall prevail. All rights reserved. Rich X Search