Usuku lwabesifazane

Usuku Lwabesifazane yiHolide Lomphakathi laseNingizimu Afrika eligujwa minyaka yonke mhla ziyisi-9 uNcwaba minyaka yonke. Ngalolu suku izwe lonke lisuke libungaza ubuqhawe abathathwa ngabesifazane abayi-20 000 bemashela eUnion Buildings ePitoli behambisa izikhalo zabo mayelana noMthetho wamapasi. Lomthetho wawudinga ukuba ama-Afrika njengoba babe baziwa "ngabamnyama" ngaphansi komthetho wobadlululo owabe waziwa nge-Population Registration Act ukuba bapathe amapasi okuhamba, ayaiziwa njengama pasi ayelawula ukuba khona kwama-Afrika emadolobheni, ukugcina uqhekeko, kanye nokulawula abasenzi bangaphandle ngesikhathi sobandlululo [1]. Lolu suku lwaqala ukugujwa ngonyaka we-1994 mhla ziyisi-9 uNcwaba lwafakwa kuMthetho wamaHolide Omphakathi (wama-36 wangonyaka wama-1994). Ngalolulu suku abesifazane bemashela khona eUnion Buildings babebiza isiqubulo esithi ‘Strijdom, wathint' abafazi wathint' imbokodo.

  1. "2016 Women's Day South Africa | South African Public Holidays Cape Town". Archived from the original on 17 October 2016. Kulandwe ngomhlaka 29 October 2016.

© MMXXIII Rich X Search. We shall prevail. All rights reserved. Rich X Search